Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula , inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,
Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami , noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,
Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini , wazithabatha izinkwa eziyisihlanu n ezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini , wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.
Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.