Bheka, ngiyakunika izinceku zakho , abagawuli abagawula imithi , amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo , namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali , namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini , namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.
kuze kube ngamatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayikhulu kakolweni , namabhati ayikhulu ewayini , namabhati ayikhulu amafutha , nosawoti ongabaliwe.
Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kw ami babebathwesile abantu , bathatha kubo isinkwa n ewayini kanye namashekeli angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu ; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.