"ewufrathe"
20 occurrences in ZUL
Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase- Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.
Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no -Abrama, wathi: Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:
phendukani nihambe , niye entabeni yama -Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e -Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle , ezweni lamaKhanani , naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela e hlane naseLebanoni naseMfuleni , umfula u -Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.
Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu , umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti , nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu.
Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase- Asiriya ngasemfuleni u -Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.
Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo , ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe , kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe. OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda
Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.
UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.
Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli , uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase -Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.
Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e- Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.
Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi : Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.
Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.
NgeGibithe ngempi kaFaro Nekho inkosi yaseGibith e eyayingasemfuleni u - Ewufrathe eKharikemishi , owayinqoba uNebukadinesari , inkosi yaseBabele , ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.
Onejubane makangabaleki naye, kungaphunyuki neqhawe; ngasenyakatho eceleni komfula u-Ewufrathe bayakhubeka, bawe.
Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti , usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye . Inkemba iyakudla isuthe , izanelise ngegazi labo , ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inom hlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.