Skip to Content

"eyahlukanisiweyo"

9 occurrences in ZUL

Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga , ububanzi baso babuyizingalo ezingamashumi ayisikhombisa; uhlonze lodonga lwendlu lwaluyizingalo eziyisihlanu nxazonke , nobude balo buyizingalo ezingamashumi ayisishiyagalolunye.

Wayeselinganisa ind lu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu ; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso , ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu,

nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu.

Wayeselinganisa ubude be sakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha : yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,

UJehova wayishaya inkosi , yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo . UJothamu, indodana yenkosi , wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.

U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe , wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova . UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi , ahlulela abantu bezwe.

Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle ngasenyakatho , wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, elimalungana nesakhiwo ngasenyakatho,

Lapho ugange lwegceke lwaludumbile khona ngasempumalanga , ngaphambi kwendawo eyahlukanisiweyo naphambi kwesakhiwo , kwakukhona amakamelo nalapho.

Wayesethi kimi : Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele , babeke khona okungcwelengcwele , nomnikelo wempuphu , nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele.