UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo , wabhoboza imbobo esivalweni sawo , wawubeka eceleni kwe -altare ngakwesok unene lapho umuntu engena endlini kaJehova ; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.
Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva , nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide , nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,