Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu , bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no- Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa -Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;
Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova , uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.