Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.
Ekuseni kusemnyama kakhulu , wavuka waphuma , waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.
Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa.
Sekusile, waphuma waya endaweni eyihlane; izixuku zamfuna, zaze zafika kuye impela, zambamba ukuba angamuki kuzo.
Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili , bathi: Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo , bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.