"eyikhulu"
30 occurrences in ZUL
U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.
Wayesethi uJehova: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu , njengokuba eyinyama nje ; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.
Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo.
Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe , wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na ? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.
Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka -Abrahama azihambayo : iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.
Le iyiminyaka yokuhamba kuka -Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.
UJakobe wathi kuFaro : Izinsuku ze minyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu ; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami , azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.
UJakobe wahlala ez weni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe , zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.
Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo : ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
Amadodana kaKohati : ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.
wathi kubo : Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla ; angisenamandla okup huma nokungena ; uJehova ushilo kimi ukuthi : Awuyikuliwela leli Jordani.
UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe ; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.
Kwathi emva kwalezo zinto uJoshuwa indodana kaNuni , inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.
Amadodana ka -Ulamu ayengamaqhawe anamandla , ansala umnsalo ; ayenamadodana amaningi namadodana amadodan a amaningi , eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.
Kodwa uJehoyada waguga , wafa esanelisiwe yizinsuku ; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe.