"eyinyanga"
10 occurrences in ZUL
Kwathi ngomnyaka wamakhulu a mane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe , ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.
Ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga kaBuli eyinyanga yesishiyagalombili indlu yaqedwa kukho konke okwayo ngayo yonke imithetho yayo. Wayelokhu akha iminyaka eyisikhombisa.
Onke amadoda akwa -Israyeli abuthana enkosini uSo lomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.
U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi , eyinyanga kaThebeti , ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u -Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla i zinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.
Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo ; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda , nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda , kusukela e -Indiya kuze kufike eKushe , izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo , nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.
ngosuku oluthile ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.