Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula , engasakwazi ukuxwayiswa,
Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.
Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.
Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.
Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise , nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.
Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.