Nampa abantwana bakwa -Israyeli ngomumo wabo , izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu , nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba , ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka ; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa -Israyeli, izikhulu zezizwe , nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi , nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo , nezinduna zendlunkulu , namaqhawe, nawo onke am adoda anamandla eJerusalema.
Ngosuku lw esikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini , yayala oMehumani , noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka - Ahashiveroshi inkosi