Wahlalelani ezibayeni zezimv u ukuzwa ikhwelo lemihlambi na ? Ngaseminonjaneni yakwaRuben i kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe . UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.
Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho nampongo ezibayeni zakho.
Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu.
Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke , lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.
Noma umkhiwane ungakhahleli , kungabikho izithelo emvinini , umsebenzi womnqumo uphuthe , amasimu angavezi ukudla , izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,