Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho useyakungenisa ezweni elihle , izwe elinemifudlana yamanzi , nemithombo, nezinzulu eziphuphuma ezigodini nasezintabeni,
Bahlala ezigodini ezesabekayo, nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.
Liyaphanda ezigodini , liyesasa ngamandla alo , liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba.
nina enisha phakathi kwama -oki phansi kwayo yonke imithi eluhlaza , enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?
Njengalokhu iqiniso likaKristu likim i, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya.