UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo , nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini : zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.
Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko , ezihamba ngezinyawo zozine , ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;
Kepha zonke ezinye izilwanyana ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.
Lezi ningazidla kuzo zonke ez isemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe;
Nezilwanyana zonke ezinamaphiko zingcolile kini: azinakudliwa.
Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli , nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.