Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho, kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.
Yizwa ukulunga , Jehova, ulalele ukukhala kwami , ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.
Umuhle wena kunabantwana babantu ; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: Ngubani ozwayo na?
Angiyikwaphula isivumelwano sami , nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.
Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso ; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.
Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha , kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.
Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe , yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe , nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe ; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho , wabuyisa abaningi ebubini.