Skip to Content

"ezingenakubalwa"

6 occurrences in ZUL

yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo , izimangaliso ezingenakubalwa,

owenza izinto ezinkulu ezi ngenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile , iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona ; ziningi kunezinwele zekhanda lami ; inhliziyo yami ingishiyile.

Nantu ulwandle , lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu.

Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.

Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo , nomakoti ixhama lakhe , na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.