Wema, wamemeza ezinhleni zakwa -Israyeli, wathi kuzo : Niphumelani ukuhlela impi na ? Angisiye umFilisti , nina niyizinceku zikaSawule , na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi.
Kepha esakhuluma nabo , bheka, kwenyuka iqhawe elik hulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.