Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa -Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.
sithathe abantu abayishumi ekhulwini kuzo zonke izizwe zakwa -Israyeli, nabayikhulu enkulungwaneni , nabayinkulungwane ezinkulungwaneni eziyishumi, ukuba balande ukudla kwabantu , nalapho sebefike eGibeya lakwaBenjamini benze ngokobuwula ababenzile kwa-Israyeli.