Skip to Content

"ezizayo"

16 occurrences in ZUL

UJakobe wabiza amadodana akhe , wathi: Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.

Bheka manje , ngibuyela kubantu bakithi ; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.

Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona , niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova , nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.

Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele . Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?

Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila , u-Israyeli akhahlele , aqhakaze, bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.

Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: Ningibuza ngezinto ezizayo , ngabantwana bami , ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?

Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.

Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowab i ngezinsuku ezizayo, usho uJehova. Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.

Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.

ukhuphukele ukulwa nabantu bami u -Israyeli njengefu lokusibekela izwe ; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.

Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo ; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:

Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.

Ngasemuva abantwana bakwa -Israyeli bayakubuya , bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo , babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.

kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.

Kepha lokhu uKristu esefikile , engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,

Ngokuba lokhu umthetho unes ithunzi sezinto ezinhle ezizayo , ungesiwo umfanekiso wazo uqobo , ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;