Skip to Content

"ezwini"

13 occurrences in ZUL

U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe , ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa -Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.

ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo . Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.

Ngakhuluma-ke kanj alo kini , analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni.

Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo , ninganciphisi futhi kulo , ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

Nalapho uJehova enithuma , nisuka eKadesh i Barineya , ngokuthi: Khuphukani, nilidle izwe engininike lona , nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.

Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho , angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.

Uma bengimbizile abesengiphendula , bengingayikukholwa nokho ukuth i ubekile indlebe ezwini lami.

Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi.

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye : Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;

nenisindiswa ngalo , nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona , uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.

Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye l okuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.

nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.

obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.