Wathi: Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova . Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba , waphahlaza amadwala phambi kukaJehova ; kepha uJehova wayen gekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba ; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba;