Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.
Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne -altare, bathi: Hawukela abantu bakho , Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe ; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: Uphi uNkulunkulu wabo na?
wathi: Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.