Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe , iBethele lingasentshonalanga ne -Ayi lingasempumalanga ; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.
Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele ; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.
IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova
UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.
Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele ; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.
U-Abiya wamxosha uJerobowamu , wamaphuca imizi : iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.
Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu ; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.
Kepha ningalifuni iBethele , ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba , ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.