Leyo nto yaba yisono kuyo indlu kaJero bowamu ngangokuba inqunywe , ichithwe ebusweni bomhlaba.
Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo , umchithi wezizwe uyeza ; uphumile endaweni yakh e ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo , ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.
UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese , wathi: Mangihambe ngimbulale u -Ishmayeli indodana kaNethaniya , kungaziwa muntu ; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?