Skip to Content

"ifa"

161 occurrences in ZUL

Ngabathukuthelela abantu bami , ngalingcolisa ifa lami , ngalinikela esandleni sakho ; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.

Bheka, izwi likaJehova leza kuye , lathi: Lona akayikudla ifa lakho , kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.

Wathi ku -Abrahama: Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.

Wathi u-Esawu: Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?

akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe , udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.

Uma umuntu etsheleka impahla yomunye , bese yilimala noma ifa , umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.

Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane , ukuze wande, udle ifa lezwe.

Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo , idle ifa lalo kuze kube phakade.

Kepha ngishilo kini ukuthi : Niyakulidla ifa lezwe labo , ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi , nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.

Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo ; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade ; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa -Israyeli, omunye phezu komunye.

Ngiyakubashaya ngesifo , ngibaphuce ifa , ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.

Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi , awusinikanga ifa lamasimu nelezivini ; uyakubhoboza amehlo ala ba bantu na ? Asiyikukhuphuka.

Abaningi uyakubanika ifa elikhulu , abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu ; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe , lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.

Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.

Wokhuluma kubantwana bakwa -Israyeli ngokuthi : U ma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe.

Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe.

Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.

Uma uyise engenabafowabo , niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe , alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose. Ukumiswa kukaJoshuwa abe ngumholi

Asiyikubuyela ezindlini zethu , abantwana bakwa -Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo.

Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili , lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.

kepha uma bengaweli nani behlomile , bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.

nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.

Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwem indeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane , nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu , kuzakuba ngelakhe ; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.

ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu z awoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;

lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa -Israyeli ifa ezweni laseKhanani.

zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa -Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho ; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.

Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa -Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.

Lapho liyakuba khona ijubili lab antwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso , ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.

Ifa labantwana bakwa -Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli bayakunamathela , kube yilowo nal owo efeni lesizwe sawoyise.

Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba i zizwe zabantwana bakwa - Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.

uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona ; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo.

UJehova wayesethi kimi : Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.

Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo ; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.

Kepha uma ungathokozi ngaye , womyeka ukuba ahambe , aye lapho ethanda khona ; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali , ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile. Ifa lobuzibulo

kuyakuthi mhla ewahlukanisela amadoda na akhe ifa analo , makangayenzi indodana yentandokazi izibulo phambi kwendodana yesaliwakazi okuyiyona eyizibulo,

Uma indoda yesibili imala , imlobele incwadi yesahlukaniso , imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa,

UMose wambiza uJoshuwa , wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa - Israyeli: Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona ; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.

Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizw e njengokomumo wa bantwana bakwa - Israyeli.

UMose wasiyaleza umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe.

Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika:

Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.

Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo.

Asondela phambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni , naphambi kwezikhulu , athi: UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.

Kwasala phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli izizwe eziyisikhombisa ezingakabelwa ifa lazo.

Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu , lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo ; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.

Inkatho yesibili yadla uSimeyoni , isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda.

Ifa labo laliyiBeri Sheba, neSheba, neMolada,

Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda , ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo ; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo. Isabelo sakwaZebuloni

Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo ; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo;

Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa -Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita ayikhulu , laba ifa labantwana bakwaJosefa.

UmkaGileyadi wamzalela amadodana ; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta , athi kuye : Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.

Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa -Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala , ngokuba kuze kube ngalolo suku babengabelwanga ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

Athi: Nga liba khona ifa labaphunyukileyo bakwaBenjamini , ukuze kungesulwa sizwe kwa-Israyeli.

Umhlengi wathi: Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami ; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.

Uyamvusa ompofu othulini , uyaphakamisa impabanga ezaleni , abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi , ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.

Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?

wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni : Nginenzele ntoni na ? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?

Odukisela abaqotho endleleni emb i uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.

Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho , Israyeli, zibhekele indlu yakho manje , Davide. Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe.

Wayesethi uNaboti ku -Ahabi: Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.

U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme , ethukuthele ngen xa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli ; ngokuba wayeshilo ukuthi : Angiyikukunika ifa lawobaba . Walala embhedeni , waphendula ubuso, akadlanga lutho.

Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo , nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;

Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga , abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na ? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe , Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide. Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe.

kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi; ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.

Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;

Ezweni lonke akufunyanwang a abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.

naphansi kwesaliwak azi ekuganeni kwaso , nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.

UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina, nendebe yami; wena uqinisa ifa lami.

Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle, yebo, nginalo ifa elihle.

Sindisa abantu bakho , ubusise ifa lakho , ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.

Ngokuba ababi bazakuchithwa , kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.

Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba , bathokoze ngokuthula okukhulu.

UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho ; ifa labo liyakuma kuze kube phakade.

Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.

Lindela uJehova , ulonde indlela yakhe ; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.

Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela

Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami , wabanika ifa abalesaba igama lakho.

Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.

Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa ; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.

Waxosha abezizwe phambi kwabo ; edabula izwe wababela ifa , wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.

Wanikela abantu bakhe enkembeni, wathukuthelela ifa lakhe.

Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe ; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.

Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakh e ngokubapha ifa labezizwe.

Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade , ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo , kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.

ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo , ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.

Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya , nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.

Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa , kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

Abangenalwazi badla ifa lobuwula , kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.

Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo ; iyakudla ifa phakathi kwezelamani.

Abantu bayakubathatha , babayise ezindaweni zabo ; indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova , babe yiz inceku nezincekukazi , babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo , babuse phezu kwabacindezeli babo.

Lungiselani abantwana bakhe ukubulaw a ngobubi bawoyise , ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.

uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.

Nguye okwenzele i nkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo ; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade , izizukulwane n gezizukulwane kuyakuhlala kulo.

Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikop hule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.

khona uyakuzijabulisa kuJehov a, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo , ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.

Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke , badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami , umsebenzi wezandla zami , ukuba ngidunyiswe.

Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo ; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo ; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.

Abantu bakho abangcwel e balidla ifa isikhashana nje ; izitha zeth u zinyathele phansi indlu yakho engcwele.

Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo , kepha lapho seningenile , nalingcolisa izwe lami , nenza ifa lami laba yisinengiso.

Mina bengithi: Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantw ana, ngikuphe izwe elinxanelekayo , ifa elihle kakhulu ezizweni ! Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi Baba , ningabuyi ekungilandeleni.

Ngiyishiyile indlu yami , ngililahlile ifa lami , nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.

Ifa lami likim i njengengonyama ehlathini ; lingiphumisele izwi ; ngalokho ngiyalizonda.

Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi , amanqe angakulo alihaqile nxazonke ; hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.

Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.

Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi , abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.

Kuqala ngi yakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo , ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo , baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.

Jehova, mandla ami nenqaba yami , siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe a bezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba , bathi: Obaba badlile ifa lamanga kuphela , okuyize, engekho kukho insizakalo.

Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona , ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.

Ngabantwana bakwa -Amoni. Usho kanje uJehova , uthi: U-Israyeli kanamadodana, kanandlalifa, na? UMilkomu udleleni ifa likaGadi , abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?

Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wemp i ngeRaba labantwana bakwa -Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo , u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe, usho uJehova.

Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.

Ndodana yomuntu, abakhe ezincithakalweni ezweni lakwa -Israyeli basho bathi: U -Abrahama wayemunye , wadla ifa lezwe ; kepha thina sibaningi, siphiwe lona libe yifa lethu.

Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nidla okunegazi , niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?

Niyethemba enkembeni yenu , nenza izinengiso , ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?

Ngokuba wathi : Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho, noma uJehova ebelapho,

Niyakunika umuzi ifa lezinkulungwane eziyisihlanu ububanzi nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude eceleni komnikelo wokungcwele, libe ngelendlu yonke yakwa-Israyeli.

Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso , siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka , bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.

Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo ; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.

Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho , libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu . Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwab antwana bakwa -Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona , nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.

Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo , ibe ngcwele , nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.

Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe , nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

ukuze badle ifa lensali yakwa -Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami, usho uJehova okwenza lokhu.

Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa -Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa -Efrayimi nezwe laseSamariya , uBenjamini adle iGileyadi.

Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa -Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefat i nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.

Ngalokho, kuphila kwami , usho uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma , nabantwana bakwa- Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga , nabaseleyo be sizwe sami bayakudla ifa labo.

UJehova uyakudla ifa lakwaJuda , libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele , abuye akhethe iJerusalema.

Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula ; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.

Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.

Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: Indodakazi yami ifa khona manje ; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.

Nalowo oshiye izindlu , noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina , noma abantwana, noma amazwe ngenxa yeg ama lami , uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.

Kepha kwathi abalimi bebona indodana , bakhuluma bodwa , bathi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.

Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Zanini nina enibusisiwe nguBaba , nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.

Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye , waguqa ngamadolo phambi kwakhe , wambuza wathi : Mfundisi omuhle , ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

Kepha labo balimi bakhuluma bodwa , bathi: Lo uyindlalifa ; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.

Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile , samlinga sathi : Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

Omunye wesixuku wathi kuye: Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.

Umbusi othile wayesembuza ethi : Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

Kepha abalimi beyibona bakhulumisana bathi: Lo uyindlalifa; masiyibulale ukuba ifa libe ngelethu.

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.

Kepha akamnikanga ifa kulo , ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe , engakabi namntwana.

Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo , yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo.

Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na ? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe , naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,

namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

Kepha ngisho lokhu , bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.

ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso ; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.

Kodwa umbhalo uthini na ? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.

nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

kuyena esabelwa futhi ifa kuye , esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,

Azisibo yini zonke omoya boku khonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

ukuba ningabi buthuntu , kodwa nibaling ise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.

Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha , kuze kuth i ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.

Ngokuba niyazi ukuthi , nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka , noma ekufunisisa ngezinyembezi.

ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka , kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.