Yenza ifasitele emkhunjini , uligcine ngaphezulu libe yingalo inye , ufake umnyango womkhumbi ohlangothini lwawo, uwenze ube nendlu engaphansi nengaphakathi nengaphezulu.
Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.
Kwakukhona amahele ayizinhla ezintathu ; ifasitele lalibhekene nefas itele izinhla ezintathu.
Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.
Wathi: Vula ifasitele ngasempumalanga . Yalivula. Wayesethi u -Elisha: Cibishela. Yacibishela-ke. Wathi: Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa , umcibisholo wokusindiswa kuma -Aramu, ngokuba uyakubulala ama -Aramu e-Afeki, uwaqede.