I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yal o; iGaza nemizi yalo nemizana yalo , kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.
UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo , ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.
Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofeth i ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.
Ubumpandla bulehlele iGaza ; i-Ashikeloni liphelile , insali yesigodi sabo ; uyakuzisika kuze kube nini na?
Ngokuba iGaza liyakushiywa, i-Ashikeloni libe yincithakalo ; bayakulixosha i-Ashidodi emini, i-Ekroni lisishulwe.