uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri , walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini , walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe.
USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi,
Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo , nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;