Skip to Content

"ikamu"

17 occurrences in ZUL

Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca , zasibekela ikamu ; ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.

Nxa ikamu lisuka , u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe , behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,

Nxa u -Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke ye ndlu engcwele, lapho ikamu liyakusuka , emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala , kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe . Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.

nikhiphe abesilisa nabesifazane , nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.

ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho ; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele. Izigqila ezibalekileyo, nezifebe, nenzalo

Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo , funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo , nilenze ikamu libe ngeliqalekisiweyo , nilihluphe.

UJerubali onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni , bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo ; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma , kwabayilowo nalowo etendeni lakhe , wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini.

Onke amadoda ayemi , kwaba yileyo naleyo , ahaqa ikamu ; bonke abasekamu bagijima bamemeza.

Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke ; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera , laze lafika emkhawulweni we -Abela Mehola ngaseThabati.

Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti , baphanga ikamu lawo.

Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu lamaFilisti , akha aman zi emthonjeni waseBetlehama owawungasesangweni , awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.

Uma sithi : S iyakungena emzini , indlala isemzini , siyakufela khona ; uma sihlezi lapha , siyakufa futhi . Ngalokho masihambe sisukele ikamu lama - Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.

Abantu baphuma , baphanga ikamu lama -Aramu. Iseya lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli , namaseya amabili e bhali ngeshek eli njengezwi likaJehova.

UShalumi kaKore ka -Ebiyasafa kaKora , nabafowabo bendlu kayise , amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo , bengabalindisango etabernakele; oyise babemele ikamu likaJehova bengabalindisango.

Labo abathathu bafohla ikamu lamaF ilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni , bawathatha, bawaletha kuDavide ; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza , kodwa wawathululela uJehova , wathi:

Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba , zakaka ikamu labangcwele nomuzi othandiweyo ; kwehla umlilo uvela ezulwini , wazidla waziqeda;