Skip to Content

"ikidroni"

9 occurrences in ZUL

Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela ; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane.

Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.

Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini , ngokuba wayenzela u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

Yakhipha u-Ashera endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni , yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni , yamcolisisa waba yincushuncushu , yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.

Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika -Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza , yasuka yagijima , yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.

Wamsusa uMahakha unina ka -Asa inkosi ebukhosikazini , ngokuba wayemenzele u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule , nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova . AmaLevi akuthatha , akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni.

Basuka, basusa ama-altare aseJerusalema; nawo onke ama -altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.

Sonke isigodi sezidumbu , nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube semfudlaneni iKidroni , kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga kuyakuba ngcwele kuJehova , kungabe kusasis hulwa, kubhidlizwe kuze kube phakade.