Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.
Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho , ikuyise kuwo ama - Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.