"imali"
92 occurrences in ZUL
Wakhuluma ku -Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe , wathi: Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu ; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.
UJosefa wayeseyala ukuba amasaka abo agcwaliswe ngamabele , kubuyiselwe imali yalowo nalowo esakeni lakhe , baphiwe umphako endleleni; kwenziwa njalo kubo.
Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi , wabona imali yakhe ; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe.
Wayesethi kubafowabo : Imali yami ibuyiselwe ; bhekani, isesakeni la mi. Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela , bethi: Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?
niphathe esandleni senu imali i phindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu , niyihambise ngesandla senu ; mhlawumbe kwenzeka iphutha.
Kwathi sesifike endlini yezihambi , savula amasaka ethu ; bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesaka lakhe , imali yethu ngokulinganiswa kwayo; sesiyibuyisile ngesandla sethu.
Sehle nenye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla ; asazi ukuthi ngubani owayifaka imali yethu emasakeni ethu.
Yayisithi kubo : Ukuthula makube kinina ; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu ; imali yenu ngayithola . Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.
Wayala inceku yendlu yakhe , wathi: Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala , ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.
Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?
UJosefa waqoqa yonke imali eyatholakala ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani ngamabele ababewathengile ; uJosefa wayiyisa imali endlini kaFaro.
Isiphelile imali ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani , bonke abaseGibithe beza kuJosefa , bathi: Siphe ukudla ; siyakufelani phambi kwakho na? Ngokuba isiphelile imali.
Usuphelile lowo mnyaka , beza kuye ngomnyaka wesibili , bathi kuye : Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile ; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi ; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu.
Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife , bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi.
Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu , isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.
Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe. Imithetho yokuphatha izintandane, nabafokazi, nabampofu nokunye
Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali , awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.
U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka ; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova. Imali yokubuyisana
Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa -Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
Uyakubalisana nalowo owamthengayo , aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo , kuze kube ngumnyaka wejubili ; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa.
Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili , uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.
Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili , umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kuf ike umnyaka wejubili , kuncishiswe ukulinganisa kwakho.
umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili, anike ukulinganisa kwakho ngalolo suku kube yinto engcwele kuJehova.
kuwo amazibulo abantwana bakwa -Israyeli wayithatha imali , amashekeli ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele.
UMose wamnika u -Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye : Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho , mina nezinkomo zami , ngiyakukhokhela imali yawo . Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.
uyakukwenana ngemali , uyisonge imali esandleni sa kho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
UDelila wabona ukuthi wayemtshelile yonke inhliziyo yakhe ; wathuma wawabiza amakhosi amaFilisti , wathi: Yenyukani kalokhu , ngokuba ungitshelile yonke inhliziyo yakhe . Ayesenyukela kuye amakhosi amaFilisti , aletha imali esandleni sawo.
imali yayiyipimi ngezimpumulo nangezimfoloko , nenxenye yesithathu yeshekeli ngezimbazo nangokulungisa izincijo zezinkabi.
UJehowashi wathi kubapristi : Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova , imali eyamukelekayo , imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona , nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,
Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi , yathi kubo: Anilungisi ngani izimfa zendlu na ? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.
UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo , wabhoboza imbobo esivalweni sawo , wawubeka eceleni kwe -altare ngakwesok unene lapho umuntu engena endlini kaJehova ; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.
Kwathi lapho bebona ukuthi ikhona imali eningi emphongolweni , umbhali wenkosi nompristi omkhulu benyuka , bayibopha, bayibala imali eyafunyanwa endlini kaJehova.
Banika imali elinganisiweyo ezandleni zabasebenzayo, bengababonisi bendlu kaJehova , bakhokhela ababazi nabakhi ababesebenza endlini kaJehova,
Ababalelananga nabantu imali abayibeka ezandleni zabo ukunika abasebenzayo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.
Imali yeminikelo yamacala , nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi. UHazayeli uhlasela iJerusalema
UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwan ika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase -Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.
Yenyukela kuHilikiya umpristi omkhulu ukuba abale imali eyiswe endlini kaJehova, iqoqwe ngabalindimnyango kubantu,
UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini , zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.
UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro . Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide , kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.
Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku -Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba. Kepha amaLevi awasheshanga.
Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi , nalapho zibona ukuthi imali iningi , umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza , bawuthulula umphongolo , bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo . Benze njalo imihla ngemihla , baqoqa imali eningi.
Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada , benza ngayo izitsha zendlu kaJehova , izitsha zokukh onzela nezokunikelela , nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva . Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.
Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu , bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no- Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa -Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;
Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova , uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.
Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaJehova , zayinikeza ezandleni zababonisi nasezandleni zezisebenzi.
Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.
ongatsheleki muntu imali yakhe ukub a izale , nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.
Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa , nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela , nidle okuhle , umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.
Ngayithenga insimu ese -Anathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva.
Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi , wehlela eJopha , wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi ; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo , aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.
Nihlwanyela okuningi , ningenisa okuyingcosana ; niyadla, kepha anisuthi ; niyaphuza, kepha ananeliswa ; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo ; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.
Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla. UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe. Imali yethempeli (Mark. 9:30; Luk. 9:43)
Kwathi ukuba bafike eKapernawume , abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?
Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala ; wothi ukuba uyivule umlomo , uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.
Kepha selishonile , umninisivini wathi enduneni yakhe : Biza izisebenzi , uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.
UJesu wayesengena ethempelini , waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini , wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange , mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.
Ayeseyithatha imali , enza njengokufundiswa kwawo . Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla. Isiyalezo sokugcina sikaJesu (Mark. 16:14; Luk. 24:44)
Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini , wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba;
Sebezwile bathokoza , bathembisa ukumnika imali . Wayesefuna ithuba lokumkhaphela. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Math. 26:17; Luk. 22:7; Joh. 13:21)
Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.
Baqala ukumthwesa icala , bathi: Simfumene lo edukisa isizwe sakithi , enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.
Wayesenza inkalivasi ngezintambo , waxosha bonke ethempelini , nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula,
Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo ; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho , baletha imali yalokho abathengise ngakho,
Kepha uSimoni , ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo,