Skip to Content

"imbala"

19 occurrences in ZUL

Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi : Wena unguNkulunkulu Obonayo , ngokuba wathi : Imbala ngimbonile ongibonayo na?

UJehova wa thi ku -Abrahama: Uhlekeleni uSara , ethi: Imbala ngizakuzala ngimdala na?

Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?

Inceku yathi kuyo : Mhlawumbe owesifazane akayikuvuma ukungilandela , eze kuleli zwe ; imbala ngiyakuyibuyisela indodana yakho ezweni , lapho wavela khona na?

Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe , wathi: Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi.

Bathi: Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na ? Akakhulumanga nakithi na? UJehova wakuzwa.

Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?

Kepha izikhulu zabantwana bakwa -Amoni zathi kuHanuni : Imbala ngokubona kwakho u thume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na ? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi , ziwuchithe, ziwuhlole, na?

Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na ? Uyakumlahla olungileyo nonamandla

Imbala uyachitha ukwahlulela kwami , ungilahle ukuba ube ngolungileyo , na?

Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na ? Madodana abantu , nahlulela ngobuqotho na?

Bathi: UNkulunkulu wazi kanjani na ? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?

Wayesethi kubo : Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na?

Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu , imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na? UmFarisi nomthelisi ethempelini

Base bethi abaJuda : Imbala uzakuzibulala yini , lokhu ethi : Lapho ngiya khona mina, ningeze nina, na?

Abanye bathi: Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na? UJesu unguMesiya

Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru : Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na? Wathi yena: Angisiye.

Kepha uSimoni Petru wayemi otha . Bathi-ke kuye: Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na? Waphika yena, wathi: Angisiye.

Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu , siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na ? Ngikhulumisa okomuntu.