"imbewu"
33 occurrences in ZUL
UNkulunkulu wathi: Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo , ekuyo imbewu yayo , emhlabeni, kwaba njalo.
Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo , nemithi ethela izithelo ngezinhlobo z ayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
UNkulunkulu wathi : Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu , esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.
Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na ? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu ; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.
UJosefa wayesethi kubantu : Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu ; nansi imbewu yenu , nize nihlwanyele emhlabathini.
nami ngiyakwenza lokhu kini ; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo , udangalise umphefumulo ; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.
Amanzi ayakugobhoza , aphume ezimbizeni zakhe , imbewu yakhe ibe semanzini amaningi , inkosi yakhe ibe nkulu kuno -Agagi, umbuso wakhe uphakame.
Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino,
Awuyikutshala is ivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu , funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.
U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.
Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.
Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo ; izingobo zichithakele , izinqolobane zidiliziwe, ngokuba amabele omile.
Hlwanyela imbewu yakho kusasa , ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa , ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela , yilena noma yileyo , noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.
Ohamba ekhala izinyembezi , ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.
Emanzini amaningi imbewu yaseSihor i nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.
Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula , aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.
Mina ngakutshala ungumvini omuhle , imbewu elungileyo yodwa ; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi , elomvini wabezizwe , na?
futhi ningakhi indlu , ningahlwanyeli imbewu , ningatshali isivini , ningabi naso, ngokuba niyakuhlala emat endeni zonke izinsuku zenu ukuba nihlale izinsuku eziningi lapho nigogobele khona.
Bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu ; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.
Imbewu isesibuyeni na ? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati, neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.
Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula ; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.
Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?
Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe . Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni ; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla , zayiqeda.