Skip to Content

"imibani"

10 occurrences in ZUL

Ungathuma imibani ukuba ihambe, isho kuwe, ithi: Bheka, silapha ?

Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini ; imibani yakhanyisa izwe ; umhlaba wadikizela, wazamazama.

Wanikela izinkomo zabo esichothweni nezimvu zabo kuyo imibani.

Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.

Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlab a, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

Imibani mayinyazime , ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho , ubaphithizise.

Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva , uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula , yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.

Nasesihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani , namazwi, nokuduma; nezibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi , ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu;

Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini , kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe ; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba , nesichotho esikhulu.

Kwase kuba khona imibani , namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo , selokhu kwaba khona abantu emhlabeni , ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.