Skip to Content

"imifino"

14 occurrences in ZUL

UNkulunkulu wathi : Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu , esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.

Kepha zonke izilwane zomhlaba , nezinyoni zonke zezulu , nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla, kwaba njalo.

Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.

Wayesethi uJehova kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe , phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.

Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo , ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle , saphula yonke imithi yasendle.

UJehova wayesethi kuMose : Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.

Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe . Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho ; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.

Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni ; izimpande zezinwele zingukudla kwabo.

Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo , zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.

Ngiyakwenza ize izintaba namagquma , ngomise yonke imifino ya wo, ngenze imifula ibe yiziqhingi, ngenze amachibi ukuba ashe.

Ake ulinge izinceku zakho izinsuku eziyishumi , basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza.

Inceku yayisisusa isabelo sokudla newayini lokuphuza, yabapha imifino.

Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.

Ngokuba umhlabathi , ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo , umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;