Skip to Content

"imihlola"

15 occurrences in ZUL

Ngokuba ushiyile abantu bakho , indlu kaJakobe , lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti , bexhawulana nabantwana babezizwe.

Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.

Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodan a yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni , noma umbhuli , noma ohlola imihlola , noma owenza imilingo, noma umlumbi,

Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.

UGali wabuye wakhuluma, wathi: Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe , esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki lokuhlola imihlola.

Amehlo akho ayakubona imihlola , inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo.

Wadabulisa indodana yakhe emlilweni , wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi , nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu , wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

Kepha sondelan i nina madodana abahlola imihlola , inzalo yomphingi neyesifebe.

Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu , nababhuli benu , namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu , nabalumbi benu abakhuluma kini , bethi: Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,

UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi , wathi: Imfihlakalo e yibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola , bangeyibonise yona inkosi.

Zase zifika izanusi , nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola , ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.

Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo , namaKaledi, nabahlola imihlola . Yayisikhuluma inkosi , yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lo mbhalo , angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende , abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe , abuse engowesithathu embusweni.

Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu ; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambek a induna yezanusi , neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,

Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho , kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.