Nikhathazekelani ng esambatho na ? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;
kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo , ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.
Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.
Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu. Ekusho lokhu wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani ; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.