Skip to Content

"imisebenzi"

137 occurrences in ZUL

UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.

Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe , kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,

Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle , yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.

Mayenziwe ibe nzima imisebenzi phezu kwabantu , bayisebenze, banganakekeli amazwi okukhohlisa.

Hambani nina , nizifunele utshani , lapho ningabuthola khona , ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.

Abaphathi babaqhuba, bathi: Qedani imisebenzi yenu , imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.

nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini , nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka , lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.

ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti , asebenze ngegolide , nangesiliva, nangethusi,

nangokuqopha amatshe okufakwa , nangokuqopha imithi , yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke.

Abantwana bakwa -Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova , bonke abesilisa nabesifazane , abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose. Ababonisi bemisebenzi

ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti , asebenze ngegolide , nangesiliva, nangethusi,

nangokuqopha amatshe okufakwa , nangokuqopha imithi , ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.

Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi , ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo , neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.

OBesaleli no -Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu e ngcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.

Bonke abahlakaniphileyo ababeyisebenza yonke imisebenzi yendlu engcwele beza, kwaba yilowo nalowo wavela emsebenzini wakhe owawusebenzayo,

Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.

Nazo zonke izingubo , nakho konke okwenziwe ngesikhumba , nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi , nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi , niyakuziphothula mayelana nakho. Ukwahlukaniswa kwempango

Amadodana anqabileyo aseSiyoni , elingene negolide elihle , yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!

owazinikela ngenxa yethu , ukuze asihlenge ebubini bonke , asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.

Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla , balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,

Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle . Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;

Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.

Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe

Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.

U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa , ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.

Wathi kuwo : Nenzelani izinto ezinjalo na ? Ngokuba ngiyezwa imisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu.

Iyakuthatha izinceku zenu , nezincekukazi zenu , nezinsizwa zenu ezinhle , nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo.

UBenaya indodana kaJehoyada , indodana yendoda enamandla , owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,

Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali ; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.

Kwakuhlala eBethele umprofethi omdala. Amadodana akhe afika amtshela yonke imisebenzi lowo muntu kaNkulunkulu abeyenzile ngalolo suku eBethele, namazwi abewakhulumile enkosini. Uyise esetsheliwe,

NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.

Ihabu nogubhu , isigubhu negenkle , newayini kukhona emadilini abo , kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.

indodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani ; uyise wayengumuntu waseTire, owayekwazi ukusebenza ngegolide , nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangamatshe, nangemithi, nangokububende, nangokuluhlaza, nangelineni elicolekileyo , nangokubomvu, nangokuqopha imiqopho yonke , nangokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti , ukuba anikwe indawo kanye nezingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide uyihlo.

U-Eliyezeri indodana kaDodavahu waseMaresha waprofetha ngoJehoshafati ngokuthi: Ngenxa yokuba uzihlanganisile no -Ahaziya, uJehova uyakudiliza imisebenzi yakho. Yaphuka-ke imikhumbi, yathiyeka ukuya eTharishishi.

ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo ; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.

Ngabona konke lokho , ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.

Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo , uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.

I-Asiriya aliyikusisindisa , asisayikukhwela amahhashi , singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu , ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.

Ngalokho uyazi imisebenzi yabo; uyabagumbuqela ebusuku, bachotshozwe.

Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.

Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.

Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehov a nokwenza kwezandla zakhe ; uyakubadiliza, angabakhi.

Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi ; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.

Uyavuka kuse sebusuku , aphe abendlu yakhe ukudl a namantombazana akhe imisebenzi yawo.

Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga ; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.

babeke ithemba labo kuNkulunkulu , bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.

bakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe abebabonisile zona.

Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,

Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.

kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.

Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.

Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.

Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.

Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela ; imithetho yonke yakhe iqinile;

Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova.

UJehova uyakufeza okwami; Jehova, umusa wakho umi phakade; ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa ; umphefumulo wami uyakwazi kahle.

Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni emb i ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.

UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.

Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge.

Gingqela kuJehova imisebenzi yakho, ukuze kuqiniswe amasu akho.

Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini,

UJehova uthulule umoya ophambeneyo phakathi kwabo , baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yal o njengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.

Jehova, uyakusimisela ukuthula ; ngokuba nayo yonke imisebenzi yeth u senzelwe yona nguwe.

Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.

Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo ; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.

Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.

Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi , nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu , yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.

Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi , ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , nenze imisebenzi yenu ibe mihle , ningalandeli aban ye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo . Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.

Ngokuba ngenxa yokwethemb a kwakho imisebenzi yakh o nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni , abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa , izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama -altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele , ama-altare enu empepho abhidlizwe , imisebenzi yenu ihlangulwe.

Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa , ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso , nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.

Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziwey o nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.

Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe , naphezu kwezintaba , naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha , naphezu kwamafutha , naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.

Wayesethatha uHagayi , wathi: Banjalo laba bantu , sinjalo lesi sizw e ngaphambi kwami , usho uJehova ; injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.

Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.

Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho , sakhipha amademoni ngegama lakho , senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?

Maye kuwe Korazini ! Maye kuwe Betsayida ! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini , ngakube kad e yaphenduka ngesaka nangomlotha.

Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na ? Uyakwehliselwa eHayidese ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.

Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu ; amafilakteriyu abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.

Maye kuwe Korazini ! Maye kuwe Betsayida ! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini , ngakube kade yaphenduka, ihlala ngesaka nangomlotha.

Ngalokho ningofakazi , nivuma imisebenzi yawoyihlo ; ngokuba bona bababulala, nina-ke niyawakha amathuna abo.

Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni , kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi.

Ngokuba yi lowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya , akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa.

Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni , ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu. Ubufakazi bokugcina bukaJohane

Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana , uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.

Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane , ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze , yona le misebenzi engiyenzayo , iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.

Bathi-ke kuye: Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?

Base bethi kuye abafowabo : Muka lapha, uye eJudiya , ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.

Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.

Baphendula, bathi kuye : Ubaba ngu -Abrahama. UJesu wathi kubo : Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.

Nina nenza imisebenzi ka yihlo. Bathi kuye : Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.

UJesu wap hendula wathi : Akonanga noma yena noma abazali bakhe , kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.

Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo , kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.

UJesu wabaphendula wathi: Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.

Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.

Awukholwa ukuthi ngikuBaba , noBaba ukimi , na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe.

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyak uyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.

Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono , kepha kalokhu babonile , bangizonda nami noBaba.

UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu,

kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema , nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.

Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.

Ubusuku sebuyaphela , imini isisondele . Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.

Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?

Bonke bangabaphostoli na ? Bonke bangabaprofethi na ? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?

Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.

omunye ukwenza imisebenzi yamandla , omunye ukuprofetha , omunye ukwahlukanisa omoya , omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi , omunye ukuhumusha izilimi.

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame , ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke , nivame imisebenzi yonke emihle,

Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Umuntu uyalungisiswa ngokukholwa

Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo. Imisebenzi yenyama nezithelo zikaMoya

Kepha imisebenzi yenyama isobala , engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,

Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo , kepha kunalokho niyidalule;

ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele , apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi , ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini ; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Isigcino

lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami , ngathi: Abayikungena ekuphumuleni kwami , nakuba imisebenzi y ayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.

Kusizani, bazalwane bami , uma umuntu ethi unokukholwa , kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?

Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.

Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na ? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe , ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi , ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Ukuthobela izimiso zabantu ngenxa yeNkosi

owenza isono ungokaSathane , ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni . INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu , ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.

kungabi njengoKayini owaba ngowomubi , wabulala umfowabo ; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi , kepha eyomfowabo yayilungile. Uthando lwabazalwane

Ngalokho uma ngiza , ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo , esihleba ngamazwi amabi ; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.

Ngiyayazi imisebenzi yakho , nemizamo yakho , nokubekezela kwakho , nokuthi kawunakubamela ababi ; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

ngakho khumbula lapho uwe khona , uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma ku ngenjalo, ngiyeza kuwe , ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.

Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.

Ngiyayazi imisebenzi yak ho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho , nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.

Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;

Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi : Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila , kanti ufile.

Vuka ulinde , uqinise okuseleyo obekuzakufa , ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;

Ngiyayazi imisebenzi yakho ; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa muntu , ngokuba unamandla amancane , kanti waligcina izwi lami, kawuliphikanga igama lami.

Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi , kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise.

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna

Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho , Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;