Skip to Content

"impahla"

67 occurrences in ZUL

Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye , ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.

Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka.

Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe , nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu. O-Abrama noMelkisedeki

Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: Ngiphe abantu, uzithathele impahla.

Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami , uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na ? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.

Futhi ningakhathaleli impahla yenu , ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.

Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando , nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa. Umakoti nabafowabo Abangane:

Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu , isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.

Uma umuntu etsheleka impahla yomunye , bese yilimala noma ifa , umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.

kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi , naphezu kwazo zonke izimpahla zalo , nakho konke okwalo ; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.

Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfan elo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.

nezinsika zegceke nxazonke , nezinyawo zazo , nezikhonkwane zazo , nezintambo zazo , nempahla yonke yazo , nenkonzo yonke yazo , nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.

Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele , waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo , ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,

UMose wabathuma empini , kwaba yinkulung wane kuleso naleso sizwe , bona noFinehasi indodana ka -Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.

Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo , nazo zonke izimvu zabo , nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.

Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.

U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo , futhi bebile , baqambile amanga , bakubeka kweyabo impahla.

nithathe umphongolo kaJehova, niwubeke enqoleni, nifake impahla yegolide eniyibuyisela kuye ibe ngumnikelo wecala ebhokisini eliseceleni kwawo , niyimukise, ihambe.

AmaLevi ayethulile umphongolo kaJehova nebhokisi elalinawo , okwakukulo impahla yegolide , akubeka etsheni elikhulu ; abantu baseBeti Shemeshi banikela ngeminikelo yokushiswa , bahlabela uJehova imihlatshelo ngalolo suku.

UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla , wagijimela empini, wabingelela abafowabo.

Abanye kubo babemiselwe impahla , nezitsha zonke zendlu engcwele , nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.

bheka, uJehova uyakushaya ngokushaya okukhulu abantu bakho nabantwana bakho, nawomkakho, nayo yonke impahla yakho,

bakhuphukela ukulwa noJuda , bafohlela kuye , basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe ; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.

Wazenzela nemizi , nemfuyo yezimvu , nezinkomo eziningi , ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.

Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke , noma kube ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe yisizi, noma kube ngukuboshwa.

ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo , bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.

nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla , noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele , futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.

AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nez impahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.

Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo , bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,

Impahla yakhe yayiyizimvu eziyiz inkulungwane eziyisikhombisa , namakamela ayizinkulungwane ezintathu , namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi , nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu , nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.

Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na ? Impahla yakhe yandile emhlabeni.

abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo, bakukhipha nasemeveni ; abanxanelayo basezela impahla yabo.

Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu , izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.

yonke impahla eyigugu siyakuyifumana , sigcwalise izindlu zethu ngempango;

Uma efunyanwa , uyakubuyisa kasikhombisa , anikeze yonke impahla yendlu yakhe.

liyeza e-Ayati, lidlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikimashi;

IMadimena selibalekile, abakhileyo eGebimi bathutha impahla.

Thuthani impahla eJerusalem a nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.

Intaba yami yasendle , impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

Wena ndodana yomuntu , zenzele impahla yokuhamba , usuke emini emehlweni abo , umuke endaweni yakho emehlweni abo , uye kwenye ; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.

Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengok uphuma ukuya ekuthunjweni.

Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona.

Ngenza njengokungiyala kwakhe ; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla , nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.

Bayakuphanga imfuyo yakho , bagcugce impahla yakho ethengiswayo , babhidlize izingange zakho , badilize izindlu zakho ezinhle , babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.

ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini nangomthofu.

Abendlu yaseThogarma benana impahla yakho ngamahhashi nangamahhashi empi nangeminyuzi.

I-Aramu lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemiseben zi yakho ; benana impahla yakho ngama -emeralidu, nangokububende, nangokufekethisiweyo, nangelineni elicolekileyo, nangekorali, nangamarubi.

UJuda nezwe lakwa -Israyeli babe ngabathengi bakho ; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti , nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.

IVedani neJavani enana impahla yakho ngotwayibana ; insimbi ekhandiweyo, nekasiya, nomhlanga kwakuphakathi kwempahla yakho.

Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho , benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili , nangawo onke amatshe anqabileyo , nangegolide.

Imikhumbi yaseTharishishi yayihambisa impahla yakho . Wagcwaliswa, wadunyiswa kakhulu enhliziyweni yolwandle.

Ngesikhathi sokwaphulwa kwakho ngamanz i ekujuleni kolwandle impahla yakho naso sonke isixuku sakho kwawela phakathi kwakho.

ukuze uphange impango , ubamuke impahla , bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.

ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo z onke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla , ususe isiliva negolide , uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?

Khona amatilosi esaba , akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo , aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo.

Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga , aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?

Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izw e wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe;

Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso , uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso.

Uma isiqhwaga sihlomile , silinda umuzi waso , impahla yaso ihlezi ngokuthula.

Encane yawo yayisithi kuyise : Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami ; wawahlukanisela impahla.

Wayesekhuluma nakubafundi bakhe , ethi: Kwakukhona umuntu othile oyisicebi, owayenomphathi; yena wamangalelwa kuye ngokuthi uchitha impahla yakhe.

Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu , impahla yakhe isendlini , kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva.

Kwathi sekuqhamuke iKhupro , sesilishiyile ngakwesokhohlo , saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla.

Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema;

Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela , balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu,

impahla yegolide neyesiliva , namatshe anenani , namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu , nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe,