Skip to Content

"impande"

17 occurrences in ZUL

funa kube khona phakathi kwenu indoda , noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe , kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;

Ngalokho njengolimi lomlil o ludla amabibi , nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti , balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.

Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiphunzi sawo sifela othulini,

Uma nithi : S iyakumxosha yini pho ! njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,

Impande yami iyazivulela amanzi ; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;

Umuntu akanakuma ngobubi , kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa.

Ishinga lifisa impango yababi, kepha impande yabalungileyo iyathela.

Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela lezizwe ; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.

Amazibulo a bampofu ayakuklaba, nabaswelayo bayakulala belondekile ; ngiyakubulala impande yakho ngendlala, nensali yakho iyakubhujiswa.

Wawusumuhle ebukhulwini bawo , ngobude bamagatsha awo , ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.

U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile , abayikuthela izithelo . Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.

Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.

Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha , wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo , wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,

ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa , akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena.

Futhi u -Isaya uthi : Kuyakuba khona impande kaJesayi , yena oyakuvuka abuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.

niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,

Omunye wamalunga wayesethi kimi : Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda , iMpande kaDavide , ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.