Skip to Content

"impendulo"

13 occurrences in ZUL

Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula, yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi:

Njengokwanga kwezindebe, injalo impendulo eqinisileyo.

Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda , ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu , kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi.

Babuyisela impendulo kithi , bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.

Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda , nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi , nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha. U-Esteri uyabikelwa indaba. Impendulo yakhe

Wayesesho uMoridekayi ukuba babuyisele impendulo ku -Esteri ngokuthi : Ungacabangi enhliziyweni yakho ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunabaJuda bonke.

U-Esteri wayesesho ukuba kubuyiselwe impendulo kuMoridekayi yokuthi:

Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu , ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka , kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.

Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.

Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha na ngokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele;

Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na ? Ithi: Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.