"imvu"
26 occurrences in ZUL
U-Isaka wathi ku -Abrahama uyise : Baba. Wathi yena : Ngilapha, ndodana yami. Wayesethi: Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?
U-Abrahama wathi : UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami, bahamba bobabili kanyekanye.
Uma umuntu eba inkabi noma imvu , ayihlabe, noma athengise ngayo , uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.
Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo , noma inkabi, noma imvu , noma kungaba yisilwane sini , ukuba akulondoloze, bese kufa , noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu,
uyakuletha umnik elo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso , insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.
Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma ama phuphu amabili amajuba , elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,
Nanxa seziphel ile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye , ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe , libe ngumnikelo wesono , akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi,
Uma amandla akhe enganeli imvu , khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba , elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono , umpristi amenzele ukubuyisana , aze ahlambuluke.
umpristi athabathe enye imvu yeduna , anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nelogi lamafutha, akuzulise kube ngumnikelo wokuzu liswa phambi kukaJehova;
uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.
Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala , uzuliswe ukumenzela ukubuyisana , nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha , kube ngumnikelo wempuphu , nelogi lamafutha,
Umpristi abesethabatha imvu yomnikelo wecala nelogi lamafutha , umpristi akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova;
ahlabe imvu yomnikelo wecala , umpristi athabathe kulo igazi lomnikelo wecala, alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa , nasesithupheni sesandla sakhe sokunene , nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene;
Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova.
Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe , alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.
anikele ngomnikelo wakhe k uJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa , neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono , nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,
Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa , unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova. Imithetho yomnikelo wesabatha neyezinyanga ezethwasayo
Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo , noma imvu enesici , enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu , ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.
Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka , ucashe kuzo ; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.
Wathi uSawule : Hlakazekelani phakathi kwabantu , nithi kubo : Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi . Bonke abantu baletha , kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo b usuku ngesandla sakhe , bazihlaba khona.
UDavide wathi kuSawule : Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise ; lapho kwafika ingonyama nebhere kwathatha imvu emhlambini,