Skip to Content

"imvubelo"

9 occurrences in ZUL

Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo ; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqa la kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.

Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova.

UJesu wayesethi kubo: Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.

Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na ? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.

Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi. Isivumo sikaPetru (Mark. 8:27; Luk. 9:18)

Wayesebayala ethi : Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.

Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha , njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.

Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke.