Skip to Content

"inani"

10 occurrences in ZUL

uma abomuzi bengalaneli iwundlu , wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu ; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu.

Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini ; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.

Nxa ubala inani labantwana bakwa -Israyeli ngokwalabo ababalwayo , yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe , lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.

Inani leminikelo y okushiswa elalethwa yibandla laliyizinkunzi ezingamashumi ayisikhombisa , nezinqama eziyikhulu , namawundlu angamakhulu amabili ; konke lokhu kwa kungokomnikelo wokushiswa kuJehova.

Ngalolo suku inani lababuleweyo eShushani endlini yenkosi lalethwa phambi kwenkosi.

Umuntu kalazi inani lakho; akutholakali ezweni labaphilayo.

Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na ? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.

Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama.

Wathi kimi uJehova : Ziphonse kumbumbi, inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo . Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva , ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.

Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu , inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli;