Skip to Content

"incazelo"

19 occurrences in ZUL

Ayesekhuluma amaKaledi enkosini ngesi -Aramu, athi: Mana njalo , nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina sibonise incazelo.

Abuye aphendula , athi: Inkosi mayisho iphupho ez incekwini zayo , thina sibonise incazelo.

lokuthi uma ningangazisi iphupho , umthetho munye nje ngani , ngokuba nilungisile amazwi amanga nawo nakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi : ngalokho ngitsheleni iphupho , ngize ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.

UDaniyeli wayese ngena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo.

Ngalokho uDaniyeli wangena ku -Ariyoki obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBabele . Wahamba, washo kanje kuye , wathi: Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBabele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.

U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi , washo kanje kuyo, wathi: Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.

Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukut hi le mfihlakalo yambuliwe kimi , kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.

Ngalokho ngakhipha isimemezelo sokuba kulethwe bonke abahlakaniphileyo baseBabele phambi kwami, ukuze bangazise incazelo yephupho.

Zase zifika izanusi , nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola , ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.

Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari ; wena Beliteshasari , yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo ; kepha wena ungakwenza , ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.

nansi incazelo, nkosi: kuyisimemezelo soPhezukonke esiyehlele inkosi yami, inkosi,

Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi : Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho ; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.

Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo , namaKaledi, nabahlola imihlola . Yayisikhuluma inkosi , yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lo mbhalo , angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende , abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe , abuse engowesithathu embusweni.

Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi , kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.

ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo , nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe , nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.

Manje-ke kungeniswe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo , bangazise incazelo yawo , kepha behl uleka ukubonakalisa incazelo yale ndaba.

Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo , uthukulule amafindo ; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo , ungazise incazelo yawo , uyakwembathiswa okububende , ube nomgexo wegolide entanyeni yakho , ubuse ube ngowesithathu embusweni.

Nansi incazelo yale nto : MENE: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho , uwuqedile.

Ngasondela komunye wababemi khona , ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.