"incekukazi"
37 occurrences in ZUL
USarayi wathi ku -Abrama: Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami ; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo . U- Abrama walalela izwi likaSarayi.
USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe , incekukazi yakhe , wamnika u -Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe , u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.
USarayi wathi ku -Abrama: Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho . Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo ; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.
U-Abrama wathi kuSarayi: Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho . USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.
Lezi ziyizizukulwane zika -Ishmayeli indodana ka -Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.
Wathi: Nansi incekukazi yami uBiliha ; ngena kuye , ukuze azalele emathangeni ami, ngakheke nami ngaye.
ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala , wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe ngumkakhe.
Wayesethi uLeya : UNkulunkulu unginikile umvuzo , lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami, waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.
Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no -Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.
uyakuthatha usungulo , ubhobozele indlebe yakhe emnyango , abeseba yinceku yakho kuze kube phakade . Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.
Wathi: Mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi, ngokuba ungiduduzile nangokuba ukhulume kahle kuyo incekukazi yakho , noma ngingenjengenye yezincekukazi zakho.
Yathi: Ungubani? Wathi: NginguRuthe incekukazi yakho ; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.
Wenza isithem biso, wathi: Jehova Sebawoti , ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho , ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa , bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.
Ungasho ukuthi incekukazi yakh o ingowesifazane omubi , ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.
Wathi: Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho. Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala.
Wawa ngasezinyaweni zakhe , wathi: Lobo bubi mabube phezu kwami , nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho , uzwe amazwi encekukazi yakho.
akuyikuba yisikhubekiso kuwe, kungabi nesanya enhliziyweni yenkosi yami ukuthi uchithile igazi ngeze nokuthi inkosi yami izisindisile ; kepha lapho uJehova eseyenzele inkosi yami okuhle, khumbula incekukazi yakho.
Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi , wathi: Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqilakazi sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.
Owesifazane wafika kuSawule , wabona ukuthi wesaba kakhulu , wathi kuye: Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile ukuphila kwami esandleni sami; ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.
Incekukazi yakho yayinamadodana amabili ; alwa odwa endle , akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.
Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho ; bathi: S inike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo , sichithe indlalifa . Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo , bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.
Ngalokho-ke lokhu ngize ukukhuluma leli zwi enkosini yami , inkosi, kungokuba abantu bengesabisile ; incekukazi yakho yayisithi: Mangikhulume enkosini; mhlawumbe inkosi iyakwenza izwi lencekukazi yayo.
Ngokuba inkosi iyakuzwa , yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu.
Yayisithi incekukazi yakho: Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami , inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.
OJonathani no -Ahimahasi babehlala e -Eni Rogeli ; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.
Hamba ungene enkosini uDavide , uthi kuyo : Wena nkosi yami , nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi : USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami , ahlale esihlalweni sami sobukhosi , na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?
Wathi kuyo : Nkosi yami , wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngo kuthi: Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.