Skip to Content

"incwadi"

65 occurrences in ZUL

Wathatha incwadi yesivumelwano , wayifunda ezindlebeni zabantu ; bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.

Lapho umuntu ethatha umfazi , aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa , lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso , amnike yona esandleni sakhe , amkhiphe endlini yakhe.

Uma indoda yesibili imala , imlobele incwadi yesahlukaniso , imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa,

Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi , wayithuma ngesandla sika-Uriya.

Inkosi yase -Aramu yayisithi : Yiya khona ; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli. Wasuka, wahamba namatalenta ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide , nezingubo eziyishumi zokuphendulela.

Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile u Nahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.

Kwathi inkosi yakwa -Israyeli isiyifundile incwadi , yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale , ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lw akhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.

Wayeseloba incwadi yesibili kubo , ethi: Uma ninami , nilalela izwi lami , thathani amakhanda alaba bantu , amadodana enkosi yenu , nize kimi eJizreyeli ngalesi sikhathi kusasa . Amadodana en kosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla.

Kwathi incwadi isifikile kubo , bawathatha amadodana enkosi , bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.

UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa , wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.

Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo , ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo. Incwadi yomthetho

UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova . UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda.

UShafani umbhali wayitshela inkosi , wathi: UHilikiya umpristi unginike incwadi. UShafani wayifunda phambi kwenkosi.

Kwafika kuye incwadi iphuma ku -Eliya umprofethi , ithi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngokuba ungahambanga ngezindlela zikaJehoshafati uyihlo nangezindlela zika-Asa inkosi yakwaJuda,

Ayephezu kwabathwala imithwalo , ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali , nezinduna, nabalindisango. Incwadi yomthetho kaNkulunkulu

Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova , uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.

UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali : Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova. UHilikiya wayinika uShafani incwadi.

UShafani wayiyisa incwadi enkosini , waletha nombiko wokuthi : Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakwenza.

UShafani umbhali wayitshela inkosi , wathi: UHilikiya umpristi ung inike incwadi. UShafani wafunda kuyo phambi kwenkosi.

URehumi unqamulajuqu noShimshayi , umbhali, babhala incwadi enje ku- Aritahishashita inkosi ngeJerusalema ngokuthi:

Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula yokuthi: Ukuthula, nokuthi nokuthi.

Incwadi enayithuma kithina ifundwe kahle phambi kwami.

bathuma incwadi kuye okulotshwe kuyo ukuthi : KuDariyu inkosi; makube ngukuthula konke.

USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu , iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo.

UNkulunkulu wami wabeka enhlizi yweni yami ukuba ngibuthe abakhulu , nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane . Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi ; bakhuluma ku -Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.

Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi , kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.

U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke , ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma.

Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini , yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla , zafundwa p hambi kwenkosi.

Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa ow azi incwadi ngokuthi : Ake ufunde lokhu , abesethi yena: Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,

incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: Ake ufunde lokhu , abesethi yena: Angiyazi incwadi.

UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.

Usho kanje uJehova , uthi: Iphi incwadi yesahlukanis o engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuy e engithengisile ngani kuye na ? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu , unyoko walahlwa.

Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u -Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,

Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.

Ngayithatha incwadi yokuthenga, enamathelisiweyo enemithetho nezimiso, nevulekileyo,

nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

Sengiyinike uBaruki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga ngakhuleka kuJehova, ngathi:

UMikhaya wazitshela onke amazwi ayewezwile , lapho uBaruki eyifunda incwadi ezindlebeni zabantu.

Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi , unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.

Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.

Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ; uJehova waqaphela , wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.

Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu , indodana kaDavide , indodana ka - Abrahama.

Kwathiwa: Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.

Bathi kuye : Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?

Bathi: UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.

Wanikwa incwadi ka -Isaya umprofethi , wayivula incwadi , wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:

Wayigoqonga incwadi , wayinika isikhonzi , wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni amgqolozela.

Wathi: Amabhati ayikhulu amafutha . Wayesethi kuye : Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amashumi ayisihlanu.

Khona wathi komunye : Wena-ke unecala elingakanani na ? Wathi: Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni . Wathi kuye : Thatha incwadi yakho , ulobe amashumi ayisishiyagalombili.

Incwadi yokuqala ngayiloba , Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa,

Ngakho sebemukisiwe behlela e -Antiyokiya, balibutha ibandla , balinika incwadi.

yaloba incwadi ehlelwe kanje:

lezo sezifikile eKesariya zanika umbusi incwadi , zamisa uPawulu phambi kwakhe.

esehlangule incwadi yecala lethu , emelana nathi ngemiyalo yayo , wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;

Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke,

Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle , inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.

Kwakungekho namunye ezulwini , nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo.

Omunye wamalunga wayesethi kimi : Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda , iMpande kaDavide , ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.

Kuthe seliyithabathile incwadi , izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu , kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.

iphethe esandleni sayo incwadi encane evulekileyo . Yayisimisa unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolokhohlo phezu komhlabathi,

Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami , lithi: Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.

Ngaya kuyo ingelosi ; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane . Yayisithi kimi: Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho , kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.

Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi , ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.

Ngabona abafileyo , abakhulu nabancane , bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa ; nenye incwadi yavulwa , ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.