"indlebe"
70 occurrences in ZUL
Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga , ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa , wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.
Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi : Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.
Yizwani izwi likaJehov a nina babusi baseSodoma , nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.
khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu , isimise emnyango noma ensikeni yomnyango , inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo , size simkhonze kuze kube phakade.
uyakuthatha usungulo , ubhobozele indlebe yakhe emnyango , abeseba yinceku yakho kuze kube phakade . Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.
Yizwani nina makhosi ; bekani indlebe nina zikhulu ; mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova, ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Beka, Jehova, indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
Yizwani lokhu nina badala , nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni . Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?
ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.
Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho , uhlahlamelise inceku yakho namuhla , uyinike umusa emehlweni alo muntu . Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.
Yizwa ukulunga , Jehova, ulalele ukukhala kwami , ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso.
Beka kimi indlebe yakho , ungophule masinyane , ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.
Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.
Jehova, yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe ekuncengeni kwami ; ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.
Bhevani nina zizwe , niyakuphela amandla nokho ; bekani indlebe nina mazwe onke akude : zibhinceni, kepha niyakudangala , yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho.
Vukani nina besifazane abazinzileyo , nizwe izwi lami ; nina madodakazi azethembayo nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.
Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
INkosi uJehova inginikile ulimi l wabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.
Ngizweni, bantu bami , ningibekele indlebe nina sizwe sami , ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho , ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.
UJehova uthumile kin i zonke izinceku zakhe abaprofethi , ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe
Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho , ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.
Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka -Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi , ngokuba ukwahlulela kukinina , lokhu nanilugibe eM ispa nenetha elenekwe eThabori.
Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla , wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.
USimoni Petru enenkemba wayihosha , wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.