Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.
Babeka ithuna layo kanye nababi ; ekufeni yayinabenza okubi , noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho , nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho , kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.
Zonke zifikela indluzula, ubuso bazo bujonga phambili ; zibutha abathunjwa njengesihlabathi.
Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela , ukuchithwa kwezilwane kukwesabise , ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.